CHURCH OF THE HOLY GHOST ISIPROFETHO NGENGILOSI ENKULU 13 AUGUST 2011 @ChurchofTheHolyGhost | Church of the Holy Ghost | @church_of_the_holy_ghost
ISANDULELA Ngomhlaka 13 Ncwaba 2011 e-Othandweni Branch (eGoli), ibandla labusiseka ngesiprofetho ngeNgilosi eNkulu. Isiprofetho ngeNgilosi eNkulu sisalokhu singesinye sezinto ezingajwayelekile nezikhethekile eBandleni likaMoya OyiNgcwele kusukela kubaHoli bangaphambili. Inqikithi yesiprofetho ibimayelana nesimo sezwe lethu, ukuxwayisa ngekusasa kanye nokunxusa ukuthi sithandazele ukuqonda ngokomoya. Lokhu kwenzeke ngesikhathi senkonzo yeSabatha ngemuva komkhuleko onamandla wokuvula inkonzo owenziwe uMongameli PG Nzuza. Emkhulekweni kaMongameli ebuza ukuthi zindaba zini ezikhulunywayo eZulwini. Ngemuva komkhuleko, ibandla licule; Iculo 18: Namhla yiSabatha Nkosi. Iculo 179: Mdali wethuIculo lesibili;. Kwakungalesi isikhathi kuculwa lapho uMoya OyiNgcwele wehla ebandleni ngamakhulu amandla. INgilosi eNkulu umayiqala ukuprofetha, icele ukuthi kumiswe amaLunga amambili nabaMfundikazi ababili, umnumzane oyedwa no nkosikazi oyedwa. Amagama abaprofethi: Umprofethi: uMongameli PG Nzuza Abamiswa: Lunga T. Ngiba, Lunga M. Ngiba, Mfundikazi Q. Mavundla Kanye, Mfundikazi Z. Cele, Mnumzane B. Mthembu kanye no Nkosikazi B. Dhladhla. Owayemele uMoya: Mgcotshwa ZE Kunene Owafunda ibhayibheli: uRev TH Kubayi owayenguMshumayeli ngaleso sikathi. CHURCH OF THE HOLY GHOST @ChurchofTheHolyGhost | Church of the Holy Ghost | @church_of_the_holy_ghost
ISIPROFETHO: Kusho Onamandla kusho uMoya OyiNgcwele. Uma niza kimi nithi Mdali wethu sokhala kuwe wedwa. Ni kusho lokhu ngokuba yimina ngedwa engimi phezu komhlaba, engingamele umhlaba nemimbuso yonke. Leliculo ngalehlisa phakathi kwabantu bami bengakwazi ukuzikhulumela bona ngeNgilosi yami eyabakhulumela yona, njengalowo onguKristu uJesu oyiNdodana yami nganikhulumela. Ngalokho uma nilihuba leligama nizikhumbuza nina ngokuba yimi ngedwa uJehova wenu ongu Nkulunkulu wenu. Ngalokho ngabona abantu abangazi, abantu abangaboni, abantu abangakhulumi. Njengalokho ngabuza kuMoses; ubani owenze izimpumputhe? Ubani owenze izithuli? Ubani owenze izimungulu? Yimina Jehova. Njengalokhu ngabakhulumela abaIsraeli kuMoses, ngabakhulumela abaIsraeli kuFaro. Uma ngimthuma uMoses, yimina Jehova engabakhulumela. Ekucindezelweni kwabo babengenamandla okuzimisela bona umkhulumeli wabo noma babamisa ababusi babo, babeyizigqili nabo njengabo, babengenamandla okubamela phambi kuka Faro. Kepha ngamkhetha uMoses phakathi kwezigqili, ngamkhipha, phakathi kwezigqili, ngamkhulula, phakathi kwezigqili eyisigqili naye. Ngamkhulula phakathi kwabaningi abaHeberu bonke, ngaze ngamisa abe ngumkhulumeli wabaIsraeli kuFaro. Ngalokho emva kweminyaka yonke, behlungekile, emakhosini onke, abazimisela wona ngabakhethela inkosi yenhliziyo yami. UDavida engamisayo, phakathi kwabo, ngabakhulumela nangalesosikhathi bengaphansi kobugqili bezinhliziyo zabo, ezabe zivalekile, ngabakhulumela endlini kaJese, ngabakhulumela. Uma endlini ka Jese, engabonanga muntu kubantwana bakhe. Engamboni ozobayinkosi yabaIsraeli, ekhetha ngokwamehlo akhe kumadodana akhe owenhliziyo yakhe. Ngabakhulumela ngokuba ngangazi inkosi abayidingayo, ngangazi umbuso abawudingayo, ngangazi isandla esibafanele. Ngabakhulumela, ngabancengela ngomlomo kaSamueli. Akekho yini omunye kumadodona akho engingakhuluma ngaye? Kusho Onamandla, kusho uMoya Oyingcwele. Ngalesosikhathi babengenemandla okuzikhulumela. Babebonile bona ngokwamehlo abo, babedelile bona ngokwamehlo abo, babeyibonile inkosi efanele ukubabusa, babebonile inkosi ephila ngaphansi kwesandla sabo, kepha ngabakhulumela. Ngoba ngangikwazi abakudingayo, ngangikwazi abakufunayo, ngangikwazi okubafanele. Makasukume phakathi kwenu, ozofunda incwadi Isililo zesihlanu. Isililo 5: 1 - 6. “Khumbula, Jehova, esehlelwe iko, bheka, u bone ihlazo letu. Izwe letu se li ngalabantu bolunye uhlanga, nezindhlu zetu zi ngezabezizwe. Si izintandane, asi nababa, omame ba ngabefelokazi. Amanzi etu si wa puzile ngemali, izinkuni zetu si zi tenga. Sa xotywa, be sezintanyeni zetu, sa zama, si nge nakupumula. Selulele isandla ngaseEgipite, na ngaseAsria, ukuba si sutiswe ngesikwa.” CHURCH OF THE HOLY GHOST @ChurchofTheHolyGhost | Church of the Holy Ghost | @church_of_the_holy_ghost
AbaIsraeli, emva kwesikhathi ngibakhulumela nasemva kwesikhathi ngibahambela ngaphambili, nasemva kwesikhathi ngibakhulula ezitheni zabo, nasemva kwesikhathi ngingamandla abo ezimpini zonke, nasezizweni zonke ezabe zinamandla ngaphezu kwabo. Beyingcosana, ngangena phakathi kwabo, ngabangamandla abo, balwa banqoba. Bethi banqobile bona, kepha ngabaqobela. Beza bezongibonga ngezibongo zonke, nangezipho zonke, kepha ezinhliziyweni zabo babekholwa bona ukuba bazinqobele bona ngokwamandla abo. Ngalesi sikhathi ngabanikela esandleni sikaNebukadrezari, bagcinwa eBhabhilona izwe labo engabanikeza lona, engabapha lona, engabakhulumela lona, nengabakhulula kulo, ngalinikela esandleni seBhabhilona. Bacindezeleka ngezindlela zonke baba izigqili phakathi kwezigqili, izigqili zeBhabhilona, zaba zikhulu phezu kwabo. Babengabantu abaphansi kunabantu bonke. Ngalesi sikhathi beza kimi bezokhala ngezifo phakathi kwabo, bazokhala ngecindezelwa abangaphansi kwabo. Uma beza kimi bathi; awu Nkosi bheka amanzi ethu sesiyawathenga, izwe lethu sesiyalithenga asinamandla phezu kwalo, nezinkuni zethu sesiyazithenga, kwabanye abantu abayizihambi ezweni lethu. Kepha inhliziyo yami yabophana, yize beza kimi njengabantu bethi Mdali wethu sokhala kuwe wedwa. Kepha inhliziyo zabo zabopheka baze bazinikela ezandleni zezinye izizwe. Bazinikela phansi kwabaseGibithe, bazinikela phansi kwamaSiria ukuze basizakale bathole umusa. Yazini okuyiyonanto eyadala ulaka olukhulu enhliziyweni yami, uma bezisola beza kimi phansi kwencindezelo yonke, kepha beza kimi sebezinikele kwamanye amakhosi sebezinikele kuma Gibithe sebezenikele kumaSiria ukuba babe nomusa phezu kwabo. Yebo bakholwa ukuba nginguNkulunkulu wabo, kepha kabazange banginike ithemba labo. Bengazi noma nginamandla na okubakhulula ngaphansi kweBhabhilona, bengazi noma nginamandla na okubathethelela ezonweni zaboyise okuyizo ezobafaka ebugqilini, bengazi nginamandla na okubakhulula nakwezabo izono abangene kuzo phansi kobugqili. Banquma ukuba bazinikele kwamanye amakhosi babe izigqili zawo, babe izisebenzi ukuze bathole umusa. Labo abe izigqili zeGibithe neSiria bathola umusa eBhabhilona, baba izigqili ezingeso izigqili. Kwaba ngabakhululekile kodwa beyizigqili, kwabangabanefa kepha beyizigqili, bephuza amanzi bengenankokhelo kepha beyizigqili, badla ukudla amasimini beqeda ukusebenza kodwa beyizigqili. Kwakungesikho ukukhululeka engabe ngibakhethela kona, lokho ukhululeka abazikhethela kona. Namhla niza kimi bantu bami, ngezwi loMholi okhuleke phakathi kwenu, ebuza izindaba ezisebukhosini bami, ebuza ngamazwi akhulunywayo phakhathi kobukhosi bami. Sengifikile phakathi kwenu ukuzonazisa ngalezozindaba. Niyazi lokhu enikubonayo phakathi kwenu, akusikho okwenhlalayenza phakathi kwebandla lenu. Ngalokho qondani lokhu engikuvulayo phakathi kwenu. CHURCH OF THE HOLY GHOST @ChurchofTheHolyGhost | Church of the Holy Ghost | @church_of_the_holy_ghost
Nganikhetha kwakudala, ningakhulumanga izwi kimi. Nganikhetha, nganibiza, nganimema, nganihlenga, nganihlanza, nganakha ukuba nibe yibandla lenhliziyo yami. Phakathi kwenu iningi lenu alikuqondi engikushoyo ukuthi niyibandla lenhliziyo yam, njengalokho abaIsraeli abazange baqonde uma ngithi kubo bangabantwana bami. U-Abrahama engakhuluma naye nengathembisa kuye engasekho phakathi kwabo, isithembiso engasenza kuye sabalula kubantwana bakhe. Abaze bakholwa, abaze basethemba njengabantwana bami. Njengalokho nani bantwana bami nifikelwe yilesosikhathi sokungazethembi, sokungazazi, sokuzingabaza, ukuba ningabenhliziyo yami. Noma nikusho ngezinhliziyo zenu uma niza kimi nithi; Jehova unguBaba wethu, kepha izinhliziyo zenu kazikholwa kazeneliswa njengezinhliziyo zabaIsraeli. Ngalesi sikhathi izinhliziyo zenu zihlukene kabili; ziyabuza singabaka Nkulunkulu nona singabezwe? Singabakamoya noma singabenyama? Lokhu kuyaziveza phakathi kwenu njengaba Israeli, nifikelwe isikhathi namhlanje sencindezelo phakathi kwenu, emizini yenu, emisebenzini yenu, nakubantwana benu, nasezweni lenu. Nifikelwe yisikhathi sencindezelo noma nikhululwe enyameni nasemoyeni kepha nizigqili zababusi ababusa izwe neminotho yalo. Njengaba-Israeli ninamanzi kepha aninawo, niphuza amanzi ngokuwakhokhela njengaba-Israeli ninezwe kepha aninalo njengaba-Israeli, konke okwezwe kuyi isimilo senu, niyakukhokhela. Aninalutho olungolwenu, aninalutho oluyinzuzo yenu, aninalutho enibusa phezu kwalo. Emhlabeni enisebenza phakathi kwawo aninalutho eninalo ezandleni zenu niyizigqili phakathi kwezigqili. AbaIsraeli babeyizigqili ngaphansi kwezigqili zeBhabhilona, niyizigqili ngaphansi kwezigqili zeBhabhilona, ababusi benu bayizigqili zomoya omubi. Ababusi benu bayizigqili zezinkanuko zonke ezisemhlabeni, ababusi benu bayizigqili zothando lwemali, ababusi benu bayizigqili zothando lokubusa umhlaba, ababusi benu bayizigqili zezinkanuko zenyama. Niyizigqili ngaphansi kwabo, noma nikhululekile, niyizigqili ngaphansi kwezigqili. Ngalesi sikhathi niyazibuza ukuba siyoba nani? Yini ifa lethu? Abantwana bethu bayoba zigqili njengathi na? Niyabuza zithini izindaba embusweni wami? Uthi uMoya OyiNgcwele; abantwana benu bayoba zigqili ngaphansi kwezigqili, uthi uMoya OyiNgcwele; abantwana benu bayoba zigqili emhlabeni wabo. Uthi uMoya OyiNgcwele; abantwana benu bayoba zigqili efeni labo. Njengokuzinikela enizinikele ngakho, njengabaIsraeli ngaphansi kweGibithe nangaphansi kweSiria njengokuzinikela enizinikele ngakho kulaba enibakhonzayo, kulaba enizinikele kubo, enidinga usizo kubo, enibheke ukutuswa yibo, enibheke ukuphiwa yibo, enibheke ukufunzwa yibo, enibheke ukwembathiswa yibo. Njengokuzinikela kwenu abantwana benu bayozinikela phansi kwabo. Kusho Onamandla, kusho uMoya OyiNgcwele. Niza phakathi kwendlu yami nemikhuleko yonke, niza phakathi kwendlu yami nezihlabelelo, niza phakathi kwendlu yami nizobuza, nizokhala, kepha noma ningena phakathi kwendlu yami izinhliziyo zenu zinamathele kulaba enibakhonzayo, abangasibona otixo bangotixo bezinhliziyo zenu. Ngoba namhlanje njengaba Israeli aniziphanga isikhathi sombuso wami aniziphanga isikhathi sokufuna kimi ngokugcwele. CHURCH OF THE HOLY GHOST @ChurchofTheHolyGhost | Church of the Holy Ghost | @church_of_the_holy_ghost
Bhekani, ababusi benu, bhekani abaphathi benu, ezweni lenu, abaningi benu niyakhuluma phakathi kwezindlu zenu, niyakhalaza, niyabuzana, niyakhononda kepha aninamandla phezu kwabo. Izinto zonke abazikhulumayo, izinto zonke abazinqumayo aninamandla phezu kwazo. Izinto zonke abazibophayo phakathi kobusuku naphakathi kwemini, izinto zonke abazikhokhelayo ukuba zibe umthetho wezwe eniphila phakathi kwalo, aninamandla phezu kwazo. Bhekani uma iNgilosi ikhuluma phakathi kwenu kayikhulumi izinto eningazazi, eningazibonanga, eningazizwanga, kepha nakhu eningakuzwanga abantwana bezigqili bayoba zigqili, kusho Onamandla kusho uMoya OyiNgcwele. Uma abantu abaizigqili bengasebenzeli ukukhululeka ebugqilini babo, uma abantu abayizigqili bengaphili njengabakhululekile kepha bezibuyisela ebugqilini bonke. Bangabheka kanjani inzalo yabo iyokhululeka, ngoba inzalo yabo iyozalwa phakathi kobugqili, inzalo yabo iyodla ukudla okuvela kubabusi abayizigqili zabo, inzalo yabo iyakuphuza ubisi oluvela kubaphathi abayizigqili zabo, inzalo yabo iyofunda izifundiso zababusi babo abayizigqili zabo. Ningathemba kanjani, uma nina nizinikele phakathi kulobugqili abantwana benu bayakhululeka. Nazi inzindaba ezikhulunywayo embusweni wami, iZulu lonke liphendukile ubuso bubheka phansi, iziNgilosi zinyukubele. Ngokuba baphendula ubuso babo kuJehova OwuNkulunkulu wabo. Nize endlini yami ukuzothandaza ebugqilini benu kepha abantwana benu abayikungena phakathi kwendlu yami ukuzokhala ngobugqili babo. Abantwana benu abazelwe kulobubugqili bayophenduka kuwo amakhosi eGibithe, bayophenduka kwabangababusi eSiria eniphila ngaphansi kwabo. IZulu lonke liyabheka inzalo yenu nenzalo yenzalo yenu ngoba isithembiso sami sikini nabantwana benu, kepha abantwana benu abayikukholwa yilesithembiso. Nanamhlanje ningofakazi bezwi leNgilosi ukuthi abakholwa yilesithembiso. Niyabuza zindaba zini ezikhulunywayo eBusweni wami? Imimbuso yonke kuyaganiselwana, bheka ubukhosi buyaganiselana, ayikho inkosi eganisela indodakazi yayo kumuntukazana. Bhekani imimbuso yonke liyahlolwa igazi lomuntu lowo oganiselwayo kukhona na igazi lobukhosi emzimbeni wakhe. Yazini ukuthi ebukhosini bombuso weZulu amakhosi ayaganiselwana amakhosi alelizwe, ayaganiselana imimbuso, iyaganiselana imimbuso yamazwe iyaganiselana. Noma kuvela ububi kwelinye izwe kepha ngenxa yobuhlobo bokuganiselana obusenyameni nasegazini nasemoyeni akukho omunye umbuso ongakwenza ukucindezela noma ukuphikisana nezinqumo nemithetho nezenzo zalowombuso ophendukayo. Abaningi benu niyathatheka uma nibona imendo yababusi namhlanje esikhathini senu nibona ubukhazikhazi baleyomendo. INgilosi ibona isibopho samazwe ngokuhlukana, nemimbuso eganiselanayo. INgilosi ibona izizukulwana zaleyomendo, ababusi abangasabi, ababusi abanganalo uvalo. Phakathi kwenu niganiselene nemimbuso eningayazi, eningayibonanga, CHURCH OF THE HOLY GHOST @ChurchofTheHolyGhost | Church of the Holy Ghost | @church_of_the_holy_ghost
eningabuzanga ngayo kimiJehova. Phakathi kwenu niganiselene neminye imimoya eyahlukeneyo enamandla ngaphezu kwenu. INgilosi iyabuka, iNgilosi iyabuza, iNgilosi iyabuka, iNgilosi iyabuza, iNgilosi iyabuka, iNgilosi iyabuza. Siphi isithembiso sabantwana benu? Siphi isithembiso sabakude iNkosi eyakubabiza? Lamazwi engawafumbathisa uMqalisi umangimisa. iNgilosi iyabuza siphi isithembiso engethembisa ngaso uma ibona izizukulwane ezilahlekileyo, uma ibona izizukulwane zenkani, uma ibona izizukulwane zokuphinga. uNorivaeli omi phambi kwami siphi isithembiso owathembisa ngaso, ngoba ebona abantwana behlakazeka. Uma ngiza phakathi kwenu ngiza ngomusa, ngiza nesihawu, akekho omunye ngaphandle kwami. Hlabelelani igama elithi; Sikhala thina, sikhalela umuzi wethu. Iculo 226: Sikhala Thina 1. Sikhala thina Sikhala thina Sikhalela umuzi wethu 2. Akukho omunye Akukho omunye Akukho omunye uMsindisi 3. Sikhala kuye Sikhala kuye Sikhala kuye uMsindisi Funda encwadini yeSililo eyesihlanu, amavesi amane asegcineni. Isililo 5: 19 - 22 “Kepa wena, Jehova, u ma pakade; isihlalo sako si kona izizukulwane ngezizukulwane. U si kohlwa ngani njalonjalo, u si lahle isikathi eside na? Si buyisele kuwe, Jehova, se si ya kubuya; yenza zi be zintya izinsuku zethu njenga sendulo. Uma u nga si lahlile impela, u si tukutela kakulu.” Kwabe kungesiyo inhloso yami ukucindezela nokulahla abaIsraeli. Kwabe kungesiyo inhloso yami ukulichitha iJerusalema libe phansi, kwabengesiyo inhloso yami ukuhlakaza uIsraeli nenzalo yonke yakhe. Kwabengasiyo inhloso yami ukuphuca abaIsraeli umbuso wabo. Kwabengesiyo inhloso yami ukubabopha abaIsraeli kwabaseGibithe. Umlando wamakhosi ngalesosikhathi abathunjwa ngaso, inkosi uZedekia waboshwa wakhishwa amehlo waze wafa. Kepha Inkosi uJehoakimu ngaba nomusa phezu kwakhe. Ngonyaka othile ngeza enhliziyweni yenkosi eBhabhilona ngakhuluma naye yehlela phansi ekuthunjweni yathukulula uJehoakimu. Ngamkhuphulela endaweni ephezulu waba inkosi phezu kwababusi, wadla kanye namakhosi wanikezwa inkokhelo yakhe usuku nosuku engaphezu kwezidingo zakhe kwaze kwafika usuku lokufa. CHURCH OF THE HOLY GHOST @ChurchofTheHolyGhost | Church of the Holy Ghost | @church_of_the_holy_ghost
NginguNkulunkulu onomusa, NginguNkulunkulu onesihawu. Bantu bami nganikhulula ngokunithanda, nganikhulula ngokunifuna nibe ngabami. Nganikhulula ngoba ngifuna inzalo yenu ibe inzalo yami akekho omunye umuntu esizweni ongekho ngaphansi kwesithembiso sami onenzalo eyinzalo yami. Abantwana bakaMaria owazala iNkosi eyiNkosi yedwa, babangabantwana bakaMaria. Kepha lowo engamkhethayo esiswini sakhe ngoMoya wami yena yedwa waba inzalo yami, waba nefa lami, waba yiNdodana yami. Ngokunjalo ngininikeze ifa phakathi kwemizi yabazali benu, ngininikeze ifa enzalweni yabazali benu ngaphakathi kwabantwana bonke, ngaphakathi kwesizwe zonke niyinzalo yami, ngokoMoya wami ningabantwana bami. Akukho ezinhlelweni zami ukunamuka ifa lenu elingunaphakade. Liyifa lenu nabantwana benu, liyifa lenu nabazukulu benu, liyifa lenu izizukulwane ngezizukulwane. NginguNkulunkulu wabo noma bengazi noma bengangazi, NginguNkulunkulu wabo noma bengikhonza noma bengangikhonzi, NginguNkulunkulu wabo bephakathi kwendlu yami noma besehlane, NginguNkulunkulu. UJona elele embhedeni ngakhuluma naye ngathi vuka uhambise izwi lami eNiniva ngokuba bonile. Ngangi uNkulunkulu wabo ilokho ngabakhulumela kwabakhona umprofethi oyoza phakathi kwabo namakhosi abo nababusi babo engangabakhulumela phambi kwami ngabakhethela uJona ayokhuluma kanye nabo - ngangazi bayophenduka. Kepha yazini lokhu, ngangizinikele uma bengaphenduki ukubahlakaza ngangizinikele uma bengaphenduki ukubaqeda, kepha ngoNoah ngangizibekele inzalo ephakathi kwabo yenhlamvu eyoba ifa enzalweni yabo. Niyabuza, ububa kungani zonke lezizinto zehlela Phakathi kwethu? Ubuthakathaka benu ezinhliziyweni zenu, ubuthakathaka benu emphefumulweni yenu, ubuthakathaka benu enyameni yenu kunifikisele isikhathi lapho khona izigqili ebenikhululiwe phakathi kwazo namhlanje ningaphansi kwesandla sazo. Abaningi ngokukhululeka kwalelizwe bathemba ukuba lenkululeko iza nefa, nengcebo ezandleni zabo. Abaningi ngofika kwalenkululeko enganipha yona bathemba ukuba namhlanje bayodla besuthe kungapheli lutho. Yebo kimina Jehova lesisipho enginiphe sona kepha ngethemba gibhekile abantwana balelilizwe bayakuphenduka babheke mina Jehova njengoNkulunkulu wabo obamisele umusa obanikeze amandla. Namhlanje niyabuzana, namhlanje niyakhuluma, namhlanje niyavuma ukuba umbuso wencindezelo wawunamandla phezu kwabantu wokubacindezela. Namhlanje niyavuma ukuba isandla sombuso sabe sinamandla singenakugcotshwa noma ngomlilo noma ngantoni. Namhlanje niyavuma ukuba umbuso namasotsha wawunamandla wokuyiqhuba impi bachithwe bonke abamelene nawo. Abanye babeyozinikela ngaphansi kombuso njengalokhu benza nangaphambili babe zigqili zombuso baze zigqili ngaphezu kwenu. Abafana nani abafowenu babezinikele ezinhliziyweni zabo ukuwusebenzela umbuso wencindizelo. Kepha mina Jehova ngakhuluma enhlizweni yamadoda abehlangene ngezindaba zombuso walelilizwe. Ngakhuluma ezinhliziyweni zababusi bamanye amazwe baphenduka baba ngabangani benu. Nenhlupheko CHURCH OF THE HOLY GHOST @ChurchofTheHolyGhost | Church of the Holy Ghost | @church_of_the_holy_ghost
yenu yimina Jehova engakhuluma ngemilomo yabo, yimina Jehova engabanika isibindi sokumelana nokufa, yimina Jehova engabanikeza isibindi sokukhuluma ngezwi elinamandla. Kepha ngasemva kwalokho ababusi benu, abazange beze bangikhonze njengoJehova. Ababusi benu abazange beze bangidumise njengoJehova. Kepha enye, ingxenye yemiphefumulo yabo, bayigodla, beyigodlela imimbuso abayibusayo. Nenzalo yabo evela phakathi kwabo ekhulayo namhlanje engababusi phakathi kwenu, ikhule yazi akekho uJehova. Inenzondo ngegama lami, inzalo yabo inenzondo ngalowo engamumisa njengeNdodana yami. Inzalo yabo ingabaphika uKristu, lo namhlanje oyinsindiso yabo. iZulu lami liyabuza ukuba nina niyokhetha bani phakathi kwezwe, naphakathi kwami? Niyokhetha bani kulamakhosi amabili amiswe phambi kwenu? Laphendula ibandla lathi: Siyokhetha wena Jehova. Nisakhotheme phambi kobuso bami, nanka amazwi iNgilosi ewashiya phakathi kwenu. Aninakwazi okwenzekayo eZulwini lami, aninakwazwi ukuphithana okwenzekayo embusweni osemoyeni, yazini lokhu izinto zonke enizibonayo ezweni lonke zifuze izinto ezenzekayo ezweni lomoya. Kholwani yilokhu ukuba akukho enikubonayo ngamehlo engingakwazi, okungadlulanga esandleni sami, akukho enikuzwayo okungadlulanga endlebeni yami. Yazini lokhu, konke enikubona kwenzeka emazweni anizungezile nasezweni lenu. Kuyizinkomba zombuso nemimbuso elwayo emoyeni. Lesi yisikhathi sabaholi embusweni osemoyeni nasembusweni osezweni, lesi yisikhathi sababusi bemibuso esemazweni asekelwe ngemimoya yawo. Lesi yisikhathi sabaphathi nababusi labo engabamisayo phakathi kokukholwa, ngegama lami engamnikeza enyameni yabantu kusukela ku Abraham kuze kube yini namhlanje. NginguNkulunkulu owayekhona ekuqaleni, nginguNkulunkulu okhona namanje. NginguAlfa, noOmega, NginguAlfa, noOmega, NginguAlfa, noOmega. Leyoncwadi eSambulweni mayibe yincwadi mihla yonke phakathi kwezindlu zenu enikhuleka ngayo, eniyozikhumbuza ngayo uma nivala usuku; Ngi nguAlfa, noOmega. Isambulo 22: 13. “Ngi nguAlfa noOmega, owokuqala nowokupela, ukuqala nokupela.” Ngi nguye oninikeza amanzi ukuba niphuze ningabe nisoma ngi nefa enginabele lona emoyeni nasenyameni. Kepha yazini ukuthi manje yisikhathi sabaholi semibuso eyahlukahlukene. INgilosi iyabuza ukhona na noma inkosi noma umbusi oya empini engalandelwa ngemuva iqulu lamabutho akhe na? Ukhona na umbusi enimaziyo? Inkosi eniyaziyo ephuma yodwa phezu kwenqolobane yakhe nababusi bempi ebhekene nefa lakhe nabantu bakhe? Akekho, namhlanje yisikhathi sabaholi, namabutho, bhekani emhlabeni wonke amabutho aphumile ababusi bobumnyama amabutho aganiselene azala amabutho. Bhekani umhlaba wonke CHURCH OF THE HOLY GHOST @ChurchofTheHolyGhost | Church of the Holy Ghost | @church_of_the_holy_ghost
uzungezwe ibutho eliholwayo ingilosi yobumnyama. Iphethe inkemba ngapha nangapha, lezizinto enizibonayo phakathi kwemizi yenu, lezizinto enizibonayo nakubantwana benu ziyimicibisholo evela kumabutho azungeze umhlaba wonke. Namhlanje alikho izwe abantwana benu abangabalekela kulo, bathi bayophepha kulo, namhlanje alikho izwe abantwana benu nani uqobo eniyokhosela kulo. Njengalokhu ngishilo kinina ngiyakwenza iZulu elisha nomhlaba omusha, ngiyakwenza iZulu elisha nomhlaba omusha. Ngiyakwehlisa abantu benu namhlanje alikho izwe eniyobalekela kulo. Awukho umhlaba eniyophepha kuwo. Ngiyehlisa kini namhlanje umhlaba omusha neZulu elisha eniyobalekela kulo, eniyophepha kulo. Isikhathi lesi sabaholi phakathi kwamabandla phakathi kwemibuso naphakati kwemizi, nemindeni abazobutha abantwana babo, nabantu babo babafake ngaphansi kombuso wami babe inxenye yalomhlaba engiwehlisayo. Lomhlaba walelizwe akuyikunqontshwa ngabantu balelizwe. Ifa lalelizwe aliyikudliwa ifa lalelizwe. Labo abayinzalo yalelizwe bayifa lalelizwe. Kepha ifa lalelizwe liyakudliwa inzalo yami. Namhlanje ngiyanazisa njengalokhu ngakhuluma nangaphambili ngemilomo yabaningi abangasekho phakathi kwenu ngesihlungo esikhulu esikhona emhlabeni. Lelizwi, labalula phakathi kwenu ngokuba iZingilosi nabaProfeti baliphindaphinda phakathi kwenu laphenduka laba izwi lokuhlekisa, ukuba iNgilosi iyahlunga. Yazini namhlanje uma nifuna ukwazi izindaba ezikhulunywayo embusweni wami. Kulemimbuso emibili engiyimisile ngiyohlunga, akusibo bonke abayo kungena kulombuso engiwakhayo nalombuso engiwumisayo. Ngikhuluma nani ukuba nazi nizikhethele. Imikhuleko yenu ngiyamukele, nikhulekela: 1. Nikhulekela ukukhululwa kwenu 2. Nikhulekela ukulahleka kwenu nabantwana benu 3. Nikhulekela intethelelo 4. Nikhulekela amandla 5. Nikhulekela ukwazi injula Yonke lemikhuleko engiyibekayo ngiyamukele kepha njengalokho uMoses ngabeka nangoJoshua wabeka phakathi kwesizwe saba Israeli. Ngibekile kinina ukufa nokuphila khethani lokho okunifaneleyo. Abaholi abayozuza lelilizwe bayovela phakathi kwenu, abaholi abayobusa lelilizwe enginipha lona bayovela enzalweni yenu. Abaholi abayozuza umqhele nombuso omusha baphakamise isandla kungamandla hayi awethu, kungamandla ka Jehova wethu, bayovela enzalweni yenu. Labo abayoba ngabaholi emizini yabo kulesisikhathi, labo abayobuyisa inzuzo yabo nefa labo ezizweni nasemakhosini alelizwe nakwizigqili zalelizwe. Labo bayophendula izigqili bathi kubo niyizigqili nefa lalelifa eliyokufa bayovela kinina enikhetha igama lami. Awekho amazwi angaphezu kwalawa iNgilosi eninikeza wona, ngalokho kuvaliwe ebukhosini bami kuze kufike usuku lolo iNgilosi eyovula ngalo ngoMoya uma mina Jehova ngiziveza emhlabeni wonke kuze kube manje iNgilosi iyafihla izinto zonke. Aleluya NkosiKusho Onamandla kusho uMoya OyiNgcwele. Hlabelelani iculo; - iZingilosi ziyenyuka! CHURCH OF THE HOLY GHOST @ChurchofTheHolyGhost | Church of the Holy Ghost | @church_of_the_holy_ghost
Iculo 125: Aleluya Nkosi 1. Aleluya Nkosi Aleluya Nkosi Aleluya Sokwahlula isitha 2. Siyobona amandla Siyobona amandla Siyobona Amandla ezayo CHURCH OF THE HOLY GHOST @ChurchofTheHolyGhost | Church of the Holy Ghost | @church_of_the_holy_ghost
Search
Read the Text Version
- 1 - 11
Pages: